Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 41:46 - IsiZulu 2020

46 UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

46 UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu lapho emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa wayesesuka kuFaro, walihamba lonke izwe laseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 41:46
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lena yindaba kaJakobe nezizukulwane zakhe. Kwathi uJosefa eseneminyaka eyi-17, elusa umhlambi nabafowabo ababezalwa nguBhiliha noZilipha, abafazi bakayise, uJosefa wabika umbiko omubi ngabafowabo kuyise.


Ngaleyo minyaka eyisikhombisa yenala izwe lathela ukudla okuningi kakhulu.


UJosefa wababona abafowabo, kodwa bona abambonanga.


Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa.


UDavide waqala ukubusa eseneminyaka engama-39; wabusa iminyaka engama-40.


Inkosi uRehobhowamu yacela iseluleko ezingwevini ezazikade zeluleka uSolomoni, uyise, esaphila, yathi: “Nina ningeluleka ukuba ngibuyisele impendulo ethini kulaba bantu na?”


Kepha akasishayanga mkhuba iseluleko sezingwevu ezazimeluleke ngaso, wayesecela iseluleko ezinsizweni ezaziyintanga yakhe.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, ngenkathi sebemi phambi kwenkosi.


Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.


kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


UJesu uqobo waqala umsebenzi wakhe eseneminyaka cishe engama-30 ubudala. Wayeyindodana, njengalokhu babesho, kaJosefa, ka-Heli,


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; wamenza udibi lwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ