Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 41:37 - IsiZulu 2020

37 Lezwakala liphusile lelo qhinga kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Leli zwi laba lihle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Le ndaba yaba yinhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 41:37
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lokhu kudla kufanele kulondolozelwe izwe lonke ukuze likwazi ukubhekana neminyaka eyisikhombisa yendlala, ezokhungatha iGibhithe, ngaleyo ndlela izwe lingashatshalaliswa yindlala.”


UFaro wazibuza izinceku wathi: “Singamtholaphi umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu na?”


Kwafika umbiko endlini kaFaro, othi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle lokho kuFaro nasezincekwini zakhe.


Bonke abantu bakubona lokho, kwaba kuhle emehlweni abo, konke eyakwenzayo inkosi kwathandeka kubo bonke abantu.


U-Ahabi wakhuluma kuNabothi, wathi: “Nginike isivini sakho ukuze sibe yisivande sami semifino, ngoba siseduze nesigodlo sami. Ngizokunika esikhundleni saso isivini esihle kunaso, kodwa uma uthanda ngingakunika isiliva libe yinkokhelo yaso.”


Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaSimakade lamhola.


Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; inhliziyo yezikhohlakali iyinto engelutho.


Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifaneleyo lifana namahhabhula egolide asezitsheni zesiliva.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Lapho uFinehasi umphristi, izikhulu zenhlangano, nezinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ababenaye bezwa lawo mazwi akhulunywa ngabozalo lukaRubeni, olukaGadi, nolukaManase, beneliseka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ