Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 41:15 - IsiZulu 2020

15 UFaro wathi kuJosefa: “Ngiphuphile, kodwa akekho umuntu okwazi ukungichazela. Ngizwile ngawe ukuthi kuyothi uma ulizwa leli phupho bese ungichazela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, akakho ongalichaza; futhi ngizwile uthi uyakwazi ukuqonda iphupho ukuze ulichaze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 41:15
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.” UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”


Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.


Wayelokhu efune uNkulunkulu ngesikhathi sikaZakhariya owamfundisa ukwesaba uNkulunkulu. Ngemihla ayemfuna ngayo uSimakade, uNkulunkulu wambusisa kakhulu.


USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe.


Inkosi yayisithi kubo: “Ngiphuphe iphupho, umoya wami ukhathazekele ukulazi iphupho.”


“Leli phupho ngalibona mina, Nebukhadinezari. Wena-ke Bhelitheshazari, yisho incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami abakwazanga ukungitshela incazelo, kepha wena ungakwenza lokho, ngokuba umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe.”


“Bhelitheshazari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazelo yalo.


ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.”


Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo.


Kepha ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukungazisa izincazelo, usombulule le nkiyankiya. Manje-ke uma ungawufunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okubukhwebezane, ufakwe nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ