Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 4:5 - IsiZulu 2020

5 kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa akazange amnake uKhayini nomhlatshelo wakhe. UKayini wathukuthela kakhulu, ubuso bakhe bawa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 4:5
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wabona nokuthi uLabani akasamnambithisisi kahle njengakuqala.


Wathi kubo: “Ngiyabona ukuthi uyihlo akasanginambithisisi kahle njengakuqala. Kepha uNkulunkulu kababa unami.


Esewezwile amazwi akhulunywe ngumkakhe, ethi: “Ingiphathe kanjalo inceku yakho,” wathukuthela wagana unwabu.


bese ubhokela uNkulunkulu ngolaka, ukhulume amazwi anje ngomlomo wakho na?


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Makayikhumbule yonke iminikelo yakho, awemukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela


Ubuwula bomuntu buyayiguqula indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uSimakade.


Abantu abathanda ukuchitha igazi bayabazonda abamsulwa, kodwa abaqotho bayakuvikela ukuphila kwakhe.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuSimakade: “Ungawunaki neze umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo yabo, futhi angilimazanga namunye kubo.”


Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’


Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.


Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ