Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 38:26 - IsiZulu 2020

26 UJuda wazibona lezo zinto, wathi: “Ulungile lo wesifazane kunami, ngokuba angimnikanga uShela indodana yami.” UJuda akabuyanga walala naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wakuvuma uJuda, wathi: “Ulungile kunami, njengokuba ngingamnikanga uShela indodana yami.” Akabange esamazi futhi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJuda wazivuma, wathi: “Ulungile kunami; ngoba angimnikanga uSela indodana yami. Futhi akasamazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 38:26
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe eyibona, wathi: “Yingubo yendodana yami le. Isilwane esibi sasendle simdlile. Simdwengulile uJosefa waba yizicucu.”


Wayesekhumula inzilo, wazemboza ngemvakazi, wahlala phansi ngasesangweni e-Enayimi, ngasemgwaqweni oya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, kodwa wayenganikelwe kuye ukuba abe ngumkakhe.


U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”


U-Absalomu bammisela ithende ophahleni lwendlu. U-Absalomu walala nazo zonke izancinza zikayise phambi kuka-Israyeli wonke.


UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


Lapho uDavide eyibona ingelosi eyayibulala abantu, wathi kuSimakade: “Bheka, yimi engonile, ngenza okubi, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”


“Uma sekufike kuwe, awusenasineke. Uma sekuthinta wena uyadangala.


Ngikhulumile kanye, angisayukuphendula, yebo, kabili, kepha angisaqhubeki.”


Zithwalele ihlazo lakho, ngokuba ubavunile odadewenu ngezono zakho ozenzileyo ezinengekayo; bona sebelungile kunawe. Yebo, mawujabhe, ulithwale ihlazo lakho lokubavuna odadewenu.


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


Bathi ukuzwa lokho, baphuma ngamunye ngamunye, kuqala kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina. UJesu wasala yedwa nowesifazane emile khona lapho.


Ubusuku sebuyedlula, imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome ngezikhali zokukhanya.


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


Namuhla ukuveze obala ukuthi ungenzele okuhle kanjani, ngokuba uSimakade unginikele esandleni sakho, kodwa wena awungibulalanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ