Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 37:7 - IsiZulu 2020

7 Besibopha izinyanda ensimini, kwathi inyanda yami yaphakama yema, ezenu zase ziyizungeza, zayikhothamela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba bheka, besibopha izithungu ensimini, bheka, isithungu sami savuka, saqonda; bheka, izithungu zenu zema nxazonke, zakhothama phambi kwesithungu sami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 37:7
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”


Wathi kubo: “Ake nizwe iphupho engiliphuphileyo.


UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.


UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”


Kwathi lapho uJosefa efika ekhaya, amadoda ethula isipho ayefike naso, aguqa ayesethi mbo ngobuso emhlabathini.


Bathi: “Inceku yakho ubaba ukhona, usaphila.” Baphinda bamkhothamela, bamkhulekela.


UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa, bamfica esekhona, base bezilahla phansi phambi kwakhe.


UJuda wazidela amathambo, wakhuluma noJosefa wathi: “Ngicela uxolo, nkosi yami, yivumele inceku yakho ibeke libe linye nje enkosini yayo, ungayithukutheleli inceku yakho, ngokuba wena ulingana noFaro uqobo.


Inkosi yami yazibuza izinceku zayo, yathi: ‘Ninaye yini uyihlo noma umfowenu na?’


Abafowabo bafika kuye mathupha, bazilahla phansi phambi kwakhe, bathi: “Siyizinceku zakho.”


ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba


Yona iyinhloko yomzimba, ibandla; iyisiqalo, izibulo kwabafileyo, ukuze Yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ