Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 37:2 - IsiZulu 2020

2 Lena yindaba kaJakobe nezizukulwane zakhe. Kwathi uJosefa eseneminyaka eyi-17, elusa umhlambi nabafowabo ababezalwa nguBhiliha noZilipha, abafazi bakayise, uJosefa wabika umbiko omubi ngabafowabo kuyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lezi ziyizizukulwane zikaJakobe. UJosefa, owayeneminyaka eyishumi nesikhombisa, walusa umhlambi kanye nabafowabo; indodana yayikanye namadodana kaBiliha kanye namadodana kaZilipa abafazi bakayise; uJosefa waletha umbiko wabo omubi kuyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 37:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo.


Nanku umlando wokudalwa kwezulu nomhlaba, lapho uSimakade uNkulunkulu ekwenza.


Wamnika uBhiliha, isisebenzi sakhe saba yisancinza sakhe, uJakobe walala naye.


ULeya esebona ukuthi usemile ukuzala, wathatha isisebenzi sakhe uZilipha wasinikela kuJakobe ukuba sibe yisancinza sakhe.


Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.


UJosefa wababona abafowabo, kodwa bona abambonanga.


Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa.


Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”


Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.


Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.


Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu.


Ngokuba okokuqala, uma nihlangana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwehlukana phakathi kwenu; lokho nganxanye ngiyakukholwa.


Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ