Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 36:8 - IsiZulu 2020

8 U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri: u-Esawu ungu-Edomi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 36:8
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

namaHori asezintabeni eSeyiri, bawanqoba, bawaxosha aze afika e-Eli Pharani ehlane.


U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe kuleso silovela sakho esibomvu, ngafa yindlala.” Kungakho kuthiwa ungu-Edomi.


UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,


waziyala wathi: “Niyakuthi ku-Esawu inkosi yami: ‘Ithi inceku yakho uJakobe: bengigogobele kwaLabani angaze ngashesha ukubuya kuze kube manje.


Nanku umlando wezizukulwane zika-Esawu obuye abizwe ngo-Edomi.


uMagidiyeli no-Iramu. Laba babeyizikhulu kwa-Edomi ezifundeni ababakhe kuzo, ezweni elaliyifa lazo. U-Esawu ngukhokho wabakwa-Edomi.


Nantu uhla lwezizukulwane zika-Esawu, ukhokho wabakwa-Edomi, ababehlala kwelezintaba eSeyiri.


Abanye babo ababengabozalo lukaSimeyoni babengama-500, baya entabeni iSeyiri beholwa nguPhelathiya, uNehariya, uRefaya no-Uziyeli, indodana ka-Ishi.


“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa.


Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa.


Kwathi ukuba bonke abaJuda ababekwaMowabi, kwa-Amoni, kwa-Edomi, nakuwo wonke amanye amazwe, sebezwile ukuthi inkosi yaseBhabhele iyishiyile insali kwaJuda, nokuthi ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi wabo,


Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”


Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlala emifantwini yamadwala, ondawo yakho iphezulu, othi enhliziyweni yakho: Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?


kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”


Njengalokhu enza kwabozalo luka-Esawu ababehlala eSeyiri, ngesikhathi ebhubhisa amaHori phambi kwabo, ewephuca izwe lawo, kwase kuhlala bona endaweni yawo kuze kube yinamuhla.


Yala abantu, uthi: “Niyodabula umngcele wabafowenu bozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri. Bayonesaba, nokho anoqaphela,


ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe.


U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ