Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 34:1 - IsiZulu 2020

1 UDina, indodakazi kaLeya ayeyizalele uJakobe, wavakashela ezinye izintombi zendawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UDina, indodakazi kaLeya, ayizalela uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 34:1
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Esawu wakhula waze wahlanganisa iminyaka engama-40. Wayeseganwa nguJudithi, indodakazi kaBheri, umHithi, noBhasematha indodakazi ka-Eloni, umHithi.


URibheka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathazekile ngempilo yami ngenxa yabesifazane bamaHithi. Uma uJakobe naye engase aganwe ngenye yezintombi zamaHithi akule ndawo, ngiyothi ngisaphilelani na?”


U-Esawu wabona ukuthi u-Isaka umbusisile uJakobe, wayesemthumela ePhadani Aramu ukuba ayothatha khona umfazi, nokuthi ngesikhathi embusisa wamyala wathi kuye: “Ungalokothi uganwe ngenye yezintombi zamaKhanani.”


ULeya wathi: “Ngibusisiwe! Ngokuba abesifazane bazothi ngingobusisiweyo.” Wayiqamba igama wathi ngu-Asheri.


Emveni kwalokho wamzalela indodakazi, wayiqamba igama wathi nguDina.


Wakha i-althare lapho, walibiza ngokuthi yi-Eli Elohe Israyeli.


Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33.


Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.


babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ