Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 32:31 - IsiZulu 2020

31 Laphuma ilanga lapho edlula ePheniyeli, eqhuga ngenxa yokubhinyika inyonga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Esedlula ePniel, ilanga lamphumela, wema ethangeni lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 32:31
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


Entathakusa, izingelosi zamnxusa uLothi zathi: “Lo muzi uzobhujiswa ngenxa yobubi bawo, ngalokho wena phangisa uvuke, uthathe umkakho namadodakazi akho womabili, funa ubhujiswe nawo.”


Kwathi eqambe efika eZowari uLothi, kwase kuse gelekeqe.


Lapho leyo ndoda ibona ukuthi ayimehluli uJakobe, yayisifinyelela enyongeni yakhe, yabhinyika esikhoxeni sayo besabambene.


Kungenxa yalokho-ke abakwa-Israyeli bengawudli umsipha onamathele ethebeni lenyonga kuze kube namuhla, ngokuba uJakobe wathintwa lapho.


UJerobhowamu wakha iShekhemu ezintabeni kwa-Efrayimi, wahlala kulo; wedlula lapho wayokwakha nePhenuweli.


Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.


Sengingawa noma yinini, ubuhlungu bami buphambi kwami, izikhathi zonke.


bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakukhona okwakufana nendawo egandaywe ngamatshe esafire, kungathi yizulu uqobo ngokucweba.


UNkulunkulu akazenzakalisanga izikhulu zabantu bakwa-Israyeli, kodwa zambona, zadla, zaphuza.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.


Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami.


nathi: ‘Bheka, uSimakade uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo. Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.


ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi, likhuluma livela emlilweni, waphila, na?


Kwamkhanyela uGideyoni ukuthi bekuyingelosi kaSimakade; wayesethi uGideyoni: “Maye, Nkosi Simakade! Ngokuba ngibonile ingelosi kaSimakade ubuso nobuso.”


Kepha uSimakade wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuzukufa.”


Wenyuka lapho waya ePhenuweli, nakubo wabacela okufanayo, abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukhothi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ