Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 32:30 - IsiZulu 2020

30 UJakobe wayiqamba leyo ndawo wathi kusePheniyeli, ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, angaze ngafa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UJakobe waqamba leyo ndawo ngokuthi iPheniyeli, ngokuba ngibone uNkulunkulu ubuso nobuso, wasinda umphefumulo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 32:30
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.


UNkulunkulu wabonakala futhi kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani Aramu, wambusisa,


UJerobhowamu wakha iShekhemu ezintabeni kwa-Efrayimi, wahlala kulo; wedlula lapho wayokwakha nePhenuweli.


USimakade wathi: “Ngizohamba nawe Mina uqobo, futhi ngiyakukuphumuza.”


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini, nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa, kudliwe ngumlilo.


Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.


Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Ngiyamangala ukuthi senimhlubuke ngokushesha okungaka owanibiza ngomusa kaKhristu, nina-ke seniya kwelinye ivangeli.


ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena,


Akuzange kuphinde kuvele umphrofethi kwa-Israyeli owayefana noMose, owayazana noSimakade ubuso nobuso.


nathi: ‘Bheka, uSimakade uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo. Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.


Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo,


kepha manje osubonakalisiwe ngokufika koMsindisi wethu uKhristu uJesu, owachitha ukufa, waletha ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli.


Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”


UManowa wayesethi engelosini kaSimakade: “Ngubani igama lakho, ukuze sikuhloniphe lapho amazwi akho esefezekile?”


Kepha ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ulibuzelani igama lami, na? Liyisimangaliso!”


Wabhidliza umbhoshongo ePhenuweli, wabulala amadoda omuzi.


Wenyuka lapho waya ePhenuweli, nakubo wabacela okufanayo, abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukhothi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ