Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 31:53 - IsiZulu 2020

53 Sengathi uNkulunkulu ka-Abhrahama noNahori, uNkulunkulu woyise, angehlulela phakathi kwethu.” UJakobe wenza isifungo ngoKwesaba kuka-Isaka, uyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.” UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

53 UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 31:53
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana.


Kepha u-Abhrama waphendula wathi: “Ngifungile kuSimakade uNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba,


USarayi wayesethi ku-Abhrama: “Sengathi lokhu okubi okwenzeka kimi lingathwalwa nguwe icala lakho. Mina ngakunika incekukazi yami, ithe ingazibona ukuthi isikhulelwe yayisingibukela phansi. USimakade makehlulele phakathi kwakho nami.”


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


USimakade wema eduze kwakhe, wathi kuye: “NginguSimakade uNkulunkulu kayihlomkhulu, u-Abhrahama nokayihlo u-Isaka, leli lizwe olele kulo ngiyakulabela wena nezizukulwane zakho.


Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”


Kokubili kungubufakazi bokuthi anginakweqela ngale kwale nqwaba ngize kuwe, nawe awunakwedlulela ngale kwale nqwaba nale nsika uzosenzakalisa.


UJakobe wathi: “Funga.” Wayesefunga. U-Israyeli wayesekhothamela enhla nombhede.


Wayesethi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.” UMose wafihla ubuso bakhe, ngokuba wayesaba ukubheka uNkulunkulu.


Zathi kubo: “USimakade makanibheke anehlulele. Nisenze sanuka iququ phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabanika inkemba ezandleni zabo ukuba basibulale.”


“Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.


UJoshuwa wathi kubo bonke abantu: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Emandulo okhokho benu, uThera namadodana akhe u-Abhrahama noNahori, babehlala ngaphesheya komfula, bekhonza abanye onkulunkulu.


Akuyimi engonileyo kuwe, kodwa nguwe owenza okubi kimi ngokulwa nami. Sengathi uSimakade ongumehluleli anganquma namuhla phakathi kwabakwa-Israyeli nabakwa-Amoni.”


Mayelana nodaba esilukhulumile, uyabona-ke, uSimakade uphakathi kwami nawe kuze kube phakade.”


USimakade makehlulele phakathi kwami nawe; uSimakade angiphindiselele kuwe, kodwa isandla sami asiyukuba phezu kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ