Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 30:32 - IsiZulu 2020

32 Namhlanje ngizodabula phakathi komhlambi wakho, ngisuse zonke ezimabhadubhadu, nezimabalabala, nazo zonke izimvu ezimnyama kuwo. Nginike ezinjalo kube yiholo lami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazo zonke ezimnyama ezimvini, nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Namuhla ngiyakudabula umhlambi wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimanakanaka, nazo zonke ezimnyama phakathi kwezimvu, nezimanakanaka nezimanakanaka phakathi kwezimbuzi; futhi lokhu kuyakuba ngumvuzo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 30:32
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Ngizokunikani na?” UJakobe wathi: “Awuyukunginika lutho. Ngenzele kube kunye nje, ngizoqhubeka ngikwelusele umhlambi wakho, ngiwunakekele.


Ubuqotho bami buzongifakazela ngomuso lapho usufika uzohlola iholo ongikhokhele lona. Leso silwane oyosithola kimi singemabhadubhadu, futhi singemabalabala ezimbuzini, nesingemnyama ezimvini zami, kuyoba ngisebile.”


Ngalolo lusuku uLabani wakhetha zonke izimpongo ezihunqu, nezimabhadubhadu, nezimbuzikazi ezimabalabala, nezimabhadubhadu, zonke lezo ezazinamabala amhlophe, namawundlu amnyama, wakupha amadodana akhe.


“Ngesikhathi sokukhwelana kwemihlambi ngake ngaba nephupho, ngabheka phezulu ngabona ukuthi izimpongo ezazikhwela zazinemishu, zimabhadubhadu, ezinye ziyihunqu.


Uma ebethi: ‘Ezimabhadubhadu zizoba yiholo lakho,’ yonke imihlambi ibizala amazinyane amabhadubhadu. Uma eguquka ethi: ‘Zonke ezinemishu zizoba yiholo lakho,’ yonke imihlambi ibizala ezinemishu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ