Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 28:12 - IsiZulu 2020

12 Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Waphupha, bheka, kwakumi isikhwelo emhlabeni, isihloko saso sifinyelela ezulwini; futhi bheka, izingelosi zikaNkulunkulu zenyuka phezu kwawo futhi zehlela phezu kwawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 28:12
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Kuthe seliyozilahla kunina u-Abhrama wazunywa ngubuthongo obukhulu. Esesebuthongweni wehlelwa ngubumnyama obesabekayo.


UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”


Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni.


Wabeka uhlangothi phansi walala ubuthongo phansi konwele; wezwa ingelosi imthinta, yathi kuye: “Vuka udle.”


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Kwathi ngonyaka wokuqala wokubusa kukaBhelishazari, inkosi yaseBhabhele, uDaniyeli waphupha iphupho, wabona nemibono emqondweni wakhe elele embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda ngengqikithi yalo.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele.


Esekhotheme uHerode; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibhithe,


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.”


UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ