Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 27:43 - IsiZulu 2020

43 Manje-ke ndodana yami ngilalele, baleka njengamanje uye kumfowethu uLabani eHarana,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami: vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Manje, ndodana yami, lalela izwi lami; futhi wasukuma, wabalekela kuLabani umfowethu eHarana;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 27:43
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana.


URibheka wayenomfowabo ogama lakhe kunguLabani; uLabani wagijima waya kuleyo ndoda eyayisemthonjeni.


U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.


Unina wathi kuye: “Isiqalekiso esibhekiswe kuwe masehlele kimi mntanami. Wena lalela engikushoyo, ungilandele amazinyane lawo.”


Bambikela uRibheka amazwi ka-Esawu izibulo lakhe ayesongela ngawo umnawakhe uJakobe, ngakho-ke wathi kuye: “Umnewenu usonga ukukubulala ukuze aduduzeke.


Mntanami, lalela amazwi ami, wenze engikuyala ngakho.


UJakobe wasuka eBheri Sheba walibangisa eHarana.


U-Isaka wamkhulula kanjalo-ke uJakobe, wayesengena indlela elibangisa ePhadani Aramu, kwamalume wakhe uLabani, indodana kaBhethuweli, umAramu, ongumfowabo kaRibheka, unina kaJakobe no-Esawu.


Wezwa nokuthi uJakobe wamlalela uyise nonina waya ePhadani Aramu.


UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBhethele, uhlale lapho. Yakha i-althare lapho, ulakhele uNkulunkulu ozibonakalise kuwe ngesikhathi ubalekela umnewenu u-Esawu.”


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.


‘Amazwi kaJonadaba, indodana kaRekhabhi, agciniwe, ayala ngawo abozalo lwakhe ukuba bangaliphuzi iwayini; kuze kube namuhla abaliphuzanga, ngokuba bawulalela umyalo kakhokho wabo. Nami ngikhulumile kini ngiphindelela, kodwa kaningilalelanga.


Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ