Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 27:27 - IsiZulu 2020

27 Kuthe lapho esondela kuye emanga, u-Isaka wahogela iphunga ezingutsheni zakhe, wayesembusisa. Wathi: “Iphunga lendodana yami lifana nephunga lensimu ebusiswe nguSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Wasondela wamanga, wahogela iphunga lezingubo zakhe, wambusisa wathi: “Bheka, iphunga lendodana yami linjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Wasondela, wamanga, wezwa iphunga lezingubo zakhe, wambusisa, wathi: “Bheka, iphunga lendodana yami linjengephunga lensimu eyibusisile uJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 27:27
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Isaka watshala imbewu kulelo lizwe, kwathi ngawo lowo nyaka wavuna isivuno esikhulu kakhulu. USimakade wambusisa,


URibheka wathatha izingubo zakwanokusho zika-Esawu indodana yakhe endala, ayezibeke endlini yakhe, wazigqokisa uJakobe.


U-Isaka uyise wathi kuye: “Sondela ungange ndodana.”


Uyise wayesethi kuye: “Uyohlala endaweni ekude nezwe elivundileyo, lapho kungekho mazolo avela phezulu ezulwini.


Amehlo ka-Israyeli ayesenqundekile ngenxa yobudala, engasaboni kahle. Ngakho-ke uJosefa wawasondeza, wayeseyawanga, wawagona.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahambe phambi kwakhe okhokho bami o-Abhrahama no-Isaka, uNkulunkulu obe ngumelusi wami yonke impilo yami kuze kube namuhla.


Umatisa imisele yawo, ulalise amasoyi awo, uwuthambise ngezihlambi, ubusise okumila kuwo.


Umkhiwane usuthelile, amakhiwane aseluhlaza, nemivini iyaqhakaza, kuthaphuka iphunga layo. Vuka sithandwa sami, muhlekazi wami, woza sihambe.”


“NgoJosefa wathi: ‘Izwe lakhe malibusiswe nguSimakade ngamagugu asezulwini, ngamazolo, ngotwa olwenabileyo phansi,


Ngokukholwa, u-Isaka wabusisa uJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo.


Ngokuba umhlabathi uyayiphuza imvula elokhu iwela kuwo, uhlumise imifino ebasizayo labo abawulinyelwayo, wamukele isibusiso kuNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ