Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 24:32 - IsiZulu 2020

32 Ngakho-ke indoda yangena endlini, uLabani wawethula imithwalo amakameli, wayesewaphakela utshani nefolishi. Indoda namadoda ayeyiphelezela babanika amanzi okugeza izinyawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Wayesengena endlini lowo muntu, wakhumula amakamela, wapha amakamela utshani nefoliji, waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Indoda yangena endlini, yakhulula amakamela ayo, yanika amakamela utshani nefolishi namanzi ukuba ageze izinyawo zayo nezinyawo zamadoda ayenayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 24:32
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makulethwe amanzi, nigeze izinyawo, bese niphumula emthunzini.


Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.” Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”


Base beyilethela okuya ngasethunjini, kodwa yathi: “Angizukudla ngize nginilandise indaba yami.” Wathi uLabani: “Silandise.”


Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto.


Induna yayisiwangenisa lawo madoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi ukuze ageze izinyawo, yanika nezimbongolo zawo ifolishi.


Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe.


Kufanele ukuba aziwe ngemisebenzi emihle, njengalowo okhulise kahle abantwana, obe nokuphana ezihambini, ogeze izinyawo zabangcwele, osize abahluphekayo, futhi ozinikele ekwenzeni yonke imisebenzi emihle.


Lase limngenisa endlini yalo, lanika izimbongolo utshani, bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.


Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqila esigeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ