Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 24:26 - IsiZulu 2020

26 Indoda yakhothama yamdumisa uSimakade uNkulunkulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Indoda yagebisa ikhanda, yakhuleka eNkosini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 24:26
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi ezincekwini zakhe: “Salani lapha nembongolo. Sisaya laphaya. Sizofike sikhuleke bese siyabuya size kini.”


Waqhubeka wathi: “Sinotshani nefolishi eliningi ekhaya, nendawo yokulala.”


Ngakhothama, ngamdumisa uSimakade, ngimbonga uSimakade uNkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, ongiholile endleleni okuyiyona ngaze ngathola indodakazi yezihlobo zenkosi yami, ukuba ibe ngumfazi wendodana yayo.


Yathi ukuba inceku ka-Abhrahama iwezwe amazwi abo, yakhothama phambi kukaSimakade ubuso bayo buthinta emhlabathini.


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uSimakade uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, lakhothama, lakhuleka kuSimakade nasenkosini.


UJehoshafathi wayesekhothama, wathi mbo ngobuso emhlabathini. UJuda wonke nezakhamuzi zaseJerusalema bakhothama phambi kukaSimakade, bakhuleka kuSimakade.


UHezekiya, inkosi, nezikhulu bayala abaLevi ukuba badumise uSimakade ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa, umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


U-Ezra wamdumisa uSimakade uNkulunkulu, bonke abantu baphendula, bathi: “Amen! Amen,” bephakamise izandla zabo, bakhothama, bathi mbo ngobuso emhlabathini, bakhuleka kuNkulunkulu.


Bonke abomhlaba abacebileyo bayokudla, badumise, nalabo asebewuthuli othulini, bayokhothama phambi kwakhe, ngisho nalowo ongenakuwugcina umphefumulo wakhe uphilile.


Umhlaba wonke ukhuleke kuwe, ukudumise, bahubele igama lakho.” Sela


Abakhe ehlane bayokhothama phambi kwayo, izitha zayo zikhothe uthuli.


Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.


Niyothi: ‘Ngumhlatshelo wephasika likaSimakade, ngokuba wazedlula izindlu zabakwa-Israyeli eGibhithe, mzukwane ebulala abaseGibhithe, kodwa wazeqa izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama badumisa.


UMose washeshe wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.


Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


Ngiyakufika ngiphetheni nje kuSimakade, engiyakukhothama nakho kuNkulunkulu ophezulu na? Ngabe ngiyakufika kuye neminikelo yokushiswa namathole anonyaka na?


ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba


Lapho uGideyoni elizwa iphupho nencazelo yalo, wakhuleka, wayesebuyela enkanjini yakwa-Israyeli, wafike wathi: “Vukani, ngokuba uSimakade uyinikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.”


ngakho-ke nami ngimnikela kuSimakade ukuba ngazo zonke izinsuku zokuphila kwakhe abe ngokaSimakade.” Wakhothama kuSimakade elapho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ