Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 21:6 - IsiZulu 2020

6 USara wathi: “UNkulunkulu ungijabulisile ngahleka, bonke abakuzwayo lokhu bazojabula kanye nami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 USara wathi: “UNkulunkulu ungenze ngahleka, ukuze bonke abakuzwayo bahleke nami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 21:6
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhrahama wakhothama wathi mbo ngobuso wahleka, wakhuluma yedwa wathi: “Indoda ingayizala kanjani ingane isinekhulu leminyaka na? USara angabe esakwazi ukuzala ingane esehlanganise iminyaka engama-90, na?”


Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!


Kwaqhuma uhleko, izilimi zethu zahuba ngentokozo; abezizwe base bekhuluma, bethi: “USimakade ubenzele izinto ezinkulu.”


“Owesifazane angakhohlwa yini ngumntwana wakhe oncelayo, angabi naluzwelo endodaneni ayizalayo na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa Mina angiyukukukhohlwa wena.


Uyothi enhliziyweni yakho: ‘Ngubani ongizalele laba bantwana, lokhu ngiphuciwe abantwana bami, angisenalutho, ngingumthunjwa nozulane na? Ngubani obakhulisile laba na? Bheka, ngasala ngedwa, babekuphi laba na?’ ”


“Memeza ngokujabula wena nyumba, wena ongazalanga, qhumuka, umemeze ngokuthokoza, dazuluka wena ongakaze uhelelwe; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” kusho uSimakade.


Uqalekisiwe nomuntu owabika kubaba, ethi: “Uzalelwe umntwana wesilisa,” wamthokozisa kakhulu.


Uzakujabula uthokoze ngaye; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe.


Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi imenzele isihawu esikhulu, bathokoza naye.


Ngokukholwa, naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.


Wathi: “Nkosi, ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi lapha phambi kwakho, ekhuleka kuSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ