Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 21:14 - IsiZulu 2020

14 U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wathatha isinkwa nojeke wamanzi, wakunika uHagari, wakubeka ehlombe lakhe nomntwana omncane, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane. eBherisheba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 21:14
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.


U-Abhrahama wavuka kusempondozankomo waphindela endaweni lapho ayekade emi khona phambi kukaSimakade.


Kepha nozalo lwendodana yesigqila ngiyolwenza lube yisizwe esikhulu, ngoba nalo luyinzalo yakho.”


Kwathi sekuphele amanzi emvabeni, owesifazane wambeka phansi kwesihlahla umfana.


Leyo ndawo yabizwa ngokuthi yiBheri Sheba, ngokuba bobabili bafunga lapho.


U-Abhrahama watshala umthamariske eBheri Sheba, wayesekhuleka egameni likaSimakade uNkulunkulu Ophakade.


U-Abhrahama waphindela ezincekwini zakhe, base besuka bephindela eBheri Sheba; u-Abhrahama wakha khona.


U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.


Emveni kwalokho inceku nalabo eyayihamba nabo, badla, baphuza, base belala. Sebevukile ekuseni, inceku yathi: “Ngicela indlela ukuze ngiphindele enkosini yami.”


kodwa amadodana ezancinza zakhe, u-Abhrahama wawanika izipho esaphila, wayeseyawaqhelisa endodaneni yakhe u-Isaka, aya ngasempumalanga, empumalanga.


Bavuka entathakusa ngakusasa bafungisana. U-Isaka wabaphelekezela behlukana ngokuthula.


Kusukela lapho lowo mthombo wabizwa ngokuthi iShiba. Yikho nje igama lomuzi oseduze nawo ubizwa ngokuthi yiBheri Sheba kuze kube namuhla.


UJakobe wavuka ekuseni, wathatha lelo litshe abeqamele kulo, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.


Umuntu mumbe wamfumana ezulazula endle, wambuza wathi: “Ufunani lapha na?”


U-Israyeli waphuma eKhanani nakho konke ayenakho, kwathi lapho efika eBheri Sheba, wenzela uNkulunkulu kayise u-Isaka umhlatshelo.


Esekuzwile lokho u-Eliya, wasuka wahamba ukuze asindise impilo yakhe, waya eBheri Sheba kwaJuda, wayishiya khona inceku yakhe.


UHezekiya, inkosi, wavuka ekuseni waqoqa izinduna zomuzi, bakhuphukela endlini kaSimakade.


Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo.


Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.


Obusisa umakhelwane ngokubanga umsindo evuka ekuseni, kuyobalelwa kuye, kube yisiqalekiso.


Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo, unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Amasimu aseHeshibhoni ashaziwe, kwabuna nezivini eSibhima, ezixha zawo zamagilebhisi ekhethelo, ayedaka amakhosi ezizwe afinyelela naseJazeri, enabela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.


Isigqila asihlali nomndeni unomphela, kodwa indodana ehlala phakade.


Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele.


USamuweli wavuka ekuseni wayohlangabeza uSawule. USamuweli wabikelwa ukuthi: “USawule ufike eKharmeli, wazimisela insika, wasuka wedlula wehlela eGiligali.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ