Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 20:17 - IsiZulu 2020

17 U-Abhrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamelapha u-Abhimeleki, umkakhe nezigqila, wabuye wabavula izibeletho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 20:17
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade washaya uFaro nabendlu yakhe ngobhubhane ngenxa kaSarayi umka-Abhrama.


Manje-ke lo mkamuntu mbuyisele endodeni yakhe, ngoba ingumphrofethi. Yona izokushwelezela uphile. Uma kodwa ungamphindiseli, yazi kahle ukuthi uzokufa nokufa, wena, nabo bonke abendlu yakho.”


Lapho uSimakade ebona ukuthi uLeya uyisaliwakazi, wamvula isibeletho sakhe, kodwa wasivala esikaRaheli.


ukuze banikele iminikelo emthokozisayo uNkulunkulu wasezulwini, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


Ngakho-ke zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye nakho encekwini yami uJobe, nikunikele kube ngumnikelo wenu wokushiswa. UJobe, inceku yami, uyonikhulekela, ngoba ngiyakuwulalela umkhuleko wakhe, angiyukwenza kini njengobuwula benu, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami uJobe.”


USimakade ukude nezikhohlakali, kodwa uyayizwa imikhuleko yabalungileyo.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


“Usho kanje uSimakade, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: ‘Ningibuza ngezinto ezizayo, nangabantwana bami, ningiyale ngomsebenzi wezandla zami na?


UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Nkulunkulu, ngiyakuncenga, mphulukise!”


Abantu baya kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngawe nangoSimakade; sikhulekele kuSimakade ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.


Konke eniyakukucela emkhulekweni, nikholwa, niyakukwamukeliswa.”


“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.


“Yebo, nabaphrofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabamlandelayo, bonke ababekhulume, bamemezela ngalezo zinsuku.


Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ