Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 17:12 - IsiZulu 2020

12 Ezizukulwaneni zonke umntwana ongumfana phakathi kwenu, osenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe, kufanele asokwe, ngisho nalabo abazalelwe kwakho abangazalwa nguwe, noma ngabe bathengwe ngemali kowezizwe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa, bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu, lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Oyizinsuku eziyisishiyagalombili makasokwe phakathi kwenu, yonke indodana ezizukulwaneni zenu, ezelwe endlini noma ethengwe ngemali kunoma yimuphi umfokazi ongeyena owenzalo yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 17:12
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalolo lusuku u-Abhrahama wabiza u-Ishmayeli nazo zonke izinceku ezazizalelwe kwakhe, nazo zonke izigqila ayezithengile, wabasoka, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile.


U-Abhrahama wamsoka u-Isaka esenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe njengoba uNkulunkulu ayemyalile.


kodwa noma yisiphi isigqila esithengwe ngesiliva singalidla emva kokuba sisokiwe;


Uyokwenza okufanayo ngamazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho. Uyakuwavumela abe nonina izinsuku eziyisikhombisa, bese kuthi ngosuku lwesishiyagalombili uwanikele kimi.


Ngosuku lwesishiyagalombili umfana uyosokwa ijwabu.


Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakhariya.


Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa.


“Wayesemnika isivumelwano sokusoka. Waba kanjalo-ke nguyise ka-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili. U-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abali-12.


Ngokuba umJuda akasiye umJuda woqobo ngezinto ezibonwayo, kanjalo nokusoka akusikho nje okubonwa enyameni.


Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ