Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 14:13 - IsiZulu 2020

13 Kwafika ophume ngesamagundwane isabambene, wabikela u-Abhrama umHebheru, owayakhe eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, umu-Amori, umfowabo ka-Eshikholi no-Aneri, ababenze isivumelwano no-Abhrama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kwasekufika okhululiweyo, wabikela uAbrama umHebheru; ngokuba wayehlala e-okini kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; futhi bahlobana no-Abrama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 14:13
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nalezi zizwe: amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi,


U-Abhrama wayesesusa ithende lakhe, wahamba, wafike wahlala eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, eHebhroni, wayesemakhela khona uSimakade i-althare.


Ngakho-ke angizukuthatha lutho ngaphandle kwalokho osekudliwe yizinsizwa, nesabelo salawa madoda abengiphelezele: u-Aneri, u-Eshikholi, noMamre. Mabasifumane isabelo sabo.”


USimakade wabonakala ku-Abhrahama ngasezihlahleni ezinkulu zemi-okhi eMamre, ezihlalele emnyango wethende lakhe, lishisa bhe.


U-Abhrahama wathatha izimvu nezinkomo wazinika u-Abhimeleki, bobabili base benza isivumelwano.


Base benza isivumelwano eBheri Sheba; u-Abhimeleki wasukuma noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe baphindela ezweni lamaFilisti.


wamemeza abendlu yakhe, wathi: “Ake nibheke, umyeni wami usilethele lo mHebheru ukuba azohlekisa ngathi. Uze kimi, wafuna ukulala nami, ngamemeza kakhulu;


Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”


Kwakukhona lapho kanye nathi ibhungu lomHebheru, isigqila senduna yabalindi benkosi. Salilandisa ngamaphupho ethu, lawachaza, yilelo ngokwencazelo yalo,


Bamphakela yedwa, base bebaphakela nabo kanjalo, nabaseGibhithe ababedla naye babaphakela ngokwabo, lokhu abaseGibhithe babengeke badle namaHebheru, ngokuba kwakuyisinengiso kubo.


ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”


Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.


Kwathi lapho iwuvula yabona; bheka, kwakungumfana; wayekhala. Yamhawukela, yayisithi: “Lona ngomunye wezingane zamaHebheru.”


“Bayokulalela okushoyo; wena uyakuhamba namalunga akwa-Israyeli niye enkosini yaseGibhithe, nifike nithi: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru uzibonakalisile kithi, ngakho-ke sivumele sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, ukuze sihlabele uSimakade uNkulunkulu wethu.’


Isimemezelo sokuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, nesigqilakazi sakhe, umHebheru nomHebherukazi, ukuze kungabi bikho muntu ogqilaza umfowabo kwaJuda.


Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


Bafika esigodini i-Eshikholi, banquma lapho igatsha elinehlukuzo lamagilebhisi, balithwala ngogongolo phakathi kwababili, namahananadi namakhiwane.


U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni, inkosi yama-Amori, wathi:


BangamaHebheru yini na? Nami nginguye. Bangaba-Israyeli na? Nami nginguye. Bangabolibo luka-Abhrahama na? Nami ngiyilo.


Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu,


Base bethi abakhuzi bempi yamaFilisti: “Afunani lawa maHebheru lapha na?” U-Akhishi wathi kubo abakhuzi bempi yamaFilisti: “Akusiye yini uDavide, inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”


Ngalolo lusuku umuntu othile wakwaBhenjamini waphulukundlela empini. Wagijima waya eShilo, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ