Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 9:7 - IsiZulu 2020

7 UFaro wathumela, kodwa wathola ukuthi akukho nasinye isilwane emfuyweni yabakwa-Israyeli esasifile. Kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, akabavumelanga abantu ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UFaro wathumela; bheka, emfuyweni yakwa-Israyeli akufanga neyodwa; kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UFaro wathuma, bheka, emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akufanga neyodwa. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 9:7
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibhithe ayiyukunivumela ukuba nihambe, ngaphandle kokuba ngiyicindezele ngesandla esinamandla.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade.


USimakade wathi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni; uyenqaba ukuvumela abantu ukuba bahambe.


Kepha uFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangalesi sikhathi, akaze avuma ukuba abantu bahambe.


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabalalelanga, njengoba uSimakade ayeshilo kuMose.


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Thathani umlotha eziko ugcwale izandla bese uMose ewuphonsa phezulu emoyeni phambi kukaFaro.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani, nentamo yenu ingumsipha wensimbi, nebunzi lenu liyithusi;


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ