Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 9:24 - IsiZulu 2020

24 Kwehla isichotho nomlilo, nokuphazima okwakuhambisana nesichotho esasinamandla, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba yisizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho; kwakunzima kakhulu, okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kwasekusiba khona isichotho lomlilo kuxutshaniswe lesiqhotho, esinzima kakhulu, ekungazange kube khona okunjengalokhu elizweni lonke leGibhithe selokhu laba yisizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 9:24
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi na?


Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni lakubo.


USimakade uyaduma esibhakabhakeni; Ophezukonke uyabhodla, wehlisa isichotho namalahle ankemuzelayo.


Sizogcwala ezindlini zakho, ezindlini zezinceku zakho, nasezindlini zabo bonke abaseGibhithe, into engakaze ibonwe ngokhokho benu, ngisho nokhokho bokhokho benu, kusukela ngosuku abafika ngalo emhlabeni kuze kube yilolu lusuku lwanamuhla.’ ” Wayesephenduka, waphuma phambi kukaFaro.


Uyabona-ke, kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela isichotho esinamandla amakhulu, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba khona kuze kube namuhla.


UMose waphakamisa induku yakhe wayibhekisa ngasezulwini, uNkulunkulu wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo, kwehlela emhlabeni. USimakade wehlisa isichotho kulo lonke iGibhithe.


Isichotho sashaya savithiza kulo lonke iGibhithe, konke okwakusendle kusukela kubantu, izilwane, nazo zonke izitshalo emasimini; sashaya sayiphula yonke imithi yasendle.


USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakudedela isivunguvungu ngentukuthelo yami, nemvula enezikhukhula ngolaka lwami, kwehle isichotho ngolaka oluqothulayo.


Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ