Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 9:15 - IsiZulu 2020

15 Manje ngiselulile isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo, nishabalale emhlabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba ngase ngiselule isandla sami, ngakushaya wena nabantu bakho ngesifo, uze uchitheke emhlabeni,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba manje ngiyakwelula isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo; futhi uyonqunywa emhlabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 9:15
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yisiphi isizwe esisodwa nje emhlabeni esinjengabantu bakho, u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela sona ukuba sibe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho, owazihlengela bona eGibhithe ezizweni nakonkulunkulu bazo na?


Le nto yaba yisono kuyo indlu kaJerobhowamu kangangokuthi yabhujiswa, yachithwa ebusweni bomhlaba.


Kepha uSimakade owanikhuphula eGibhithe ngamandla amakhulu, nangengalo enamandla, niyokwesaba Yena kuphela, nimkhothamele, nimhlabele.


Kwathi ngalobo busuku, kwaphuma ingelosi kaSimakade, yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000; sebevuka ekuseni, bheka, kwakuyizidumbu zodwa.


Amanzi abuyela amboza izinqola zempi, nabagibele amahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyayibalandela; baminza olwandle, akwaze kwasala namunye.


Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.


Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


isandla sikaSimakade sizoyishaya ngesifo imfuyo esehlane: amahhashi, izimbongolo, amakameli, izinkomo, izimvu, nezimbuzi.


Ngakusasa uSimakade wakwenza lokho; yonke imfuyo yabaseGibhithe yafa, kodwa akufanga nayinye emfuyweni yabantu bakwa-Israyeli.


Kepha izikhohlakali ziyakunqunywa ezweni, nabangethembekile bayosishulwa kulo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ