Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 7:20 - IsiZulu 2020

20 UMose no-Aroni benza njengoba uSimakade ayebayalile. Wayiphakamisa induku yakhe, washaya amanzi emfuleni phambi kukaFaro nezinceku zakhe, onke amanzi ayesemfuleni iNayili aphenduka igazi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 OMose no-Aroni base bekwenza-ke njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa induku, washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 OMose no-Aroni benza njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa udondolo, washaya amanzi aseNayile phambi kwamehlo kaFaro naphambi kwamehlo ezinceku zakhe; futhi onke amanzi omfula aphenduka igazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 7:20
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kuGehazi: “Bopha ukhalo lwakho, uthathe udondolo lwami ngesandla sakho, uhambe; uma uhlangana nomuntu, ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela, ungamphenduli, uyobeka udondolo lwami ebusweni bomntwana.”


Waphendula amanzi abo aba yigazi, wabhubhisa izinhlanzi zabo.


Waphendula imifula yabo yaba yigazi, ukuze bangakwazi ukuphuza emithonjeni yabo.


Uma bengazikholwa zombili izibonakaliso noma bengakulaleli okushoyo, uyokukha amanzi eNayili, uwathele emhlabathini owomileyo, lawo manzi owakhe emfuleni ayophenduka igazi emhlabathini owomileyo.”


UMose no-Aroni baya kuFaro benza njengalokhu uSimakade ebayalile; u-Aroni wayiphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro nezikhulu zakhe, yaphenduka inyoka.


kwafa izinhlanzi. Umfula wanuka kangangokuthi abaseGibhithe abakwazanga ukuphuza amanzi awo: kwakunegazi kulona lonke iGibhithe.


UMose no-Aroni benza njengalokhu uSimakade ayebayalile.


Simakade, ngabe ubuyithukuthelele yini imifula na? Ngabe ulaka lwakho belumelene yini nemifula noma intukuthelo yakho nolwandle, ukuba ugibele amahhashi akho, nezinqola zakho zokunqoba, na?


Ingelosi yesibili yabetha icilongo; kwaba sengathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa olwandle. Okwesithathu kolwandle kwaphenduka igazi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ