Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 6:6 - IsiZulu 2020

6 Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngakho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: NgiyiNkosi, futhi ngiyakunikhipha ngaphansi kwemithwalo yabaseGibhithe, futhi ngiyonikhulula ebugqilini babo, futhi ngiyonikhulula ngengalo eyeluliweyo nangamandla amakhulu. Izinqumo:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 6:6
46 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo, bese eza akhuleke kule ndlu,


Kepha uSimakade owanikhuphula eGibhithe ngamandla amakhulu, nangengalo enamandla, niyokwesaba Yena kuphela, nimkhothamele, nimhlabele.


Ngubani onjengabantu bakho, u-Israyeli, isizwe esisodwa emhlabeni, uNkulunkulu azihlengela sona ukuba sibe ngabantu bakhe, wazenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe phambi kwabantu bakho owabahlenga eGibhithe na?


“Bayizinceku zakho nabantu bakho owabophula ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.


Amanzi akubona, Nkulunkulu, amanzi akubona, athuthumela, nezintwa zazamazama.


“Kepha abantu bami abalilalelanga izwi lami, u-Israyeli wangishaya indiva.


“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, nezandla zakhe zakhululeka eqomeni.


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


Ekupheleni konyaka wama-430, ngalo lolo lusuku, wonke amaviyo kaSimakade aphuma eGibhithe.


Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


“Ngomusa wakho omiyo njalo uhole abantu bakho obakhululileyo; wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni okuhlala kuyo ubungcwele bakho.


UMose no-Aroni bathi kubantu bakwa-Israyeli: “Kusihlwa nizokwazi ukuthi nguSimakade owanikhipha eGibhithe.


UJethro, umphristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu ayekwenzele uMose nabantu bakhe bakwa-Israyeli, ukuthi uSimakade wayemkhiphe kanjani u-Israyeli eGibhithe.


Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.


ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


UMose washweleza kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhipha eGibhithe ngamandla amakhulu, nangesandla esiqinileyo na?


UNkulunkulu wakhuluma noMose, wathi kuye: “NginguSimakade.


uSimakade wathi kuye: “NginguSimakade, khuluma kuFaro inkosi yaseGibhithe konke engikutshela khona.”


Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”


Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe.


AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”


ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.


Ngalokho-ke iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayinasihawu ezintandaneni nakubafelokazi bakhona. Ngokuba yilowo nalowo kubo engenabuNkulunkulu, abenzi bokubi, bonke bakhuluma ubuwula ngemilomo yabo; kukho konke lokhu intukuthelo kaSimakade ayibohli, nesandla sakhe sisashaya.


uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.


Mina ngiyakulwa nani ngesandla esiluliweyo, nangengalo enamandla, ngentukuthelo, ngokufutheka nangolaka olukhulu.


Mina ngenzile umhlaba, abantu nezilwane; okusebusweni bomhlaba; ngamandla ami amakhulu, nangezikhwepha zami, futhi ngikunika noma ngubani othandekayo emehlweni ami.


Wabakhipha abantu bakho u-Israyeli, eGibhithe, ngezibonakaliso nangezimangaliso, ngesandla esinamandla, ngezikhwepha, nangokwesabeka okukhulu.


“ ‘ “Ngifunga ngiyagomela; impela ngesandla esinamandla, nangengalo eluliweyo, nangolaka olutheliweyo; ngiyakubusa phezu kwenu,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


uNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli waqoka okhokho bethu, wabenza abantu baba yisizwe esikhulu eGibhithe ababengabafokazi kulo, wabakhipha ngengalo ephakemeyo.


Yazini namuhla ukuthi akubona abantwana benu abangazanga nabangabonanga ukufundisa kukaSimakade uNkulunkulu wenu, ubukhulu bakhe, isandla sakhe esinamandla, ukwenza kwakhe okumangalisayo,


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke ngiyakuyala ngalokhu namuhla.


USimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, ngezenzo ezesabekayo nezinkulu, ngezibonakaliso nangezimangaliso.


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso, izimangaliso, isandla esinamandla nengalo eyeluliweyo, uSimakade uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho. USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza kanjalo kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.


“ ‘Bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ