Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 6:14 - IsiZulu 2020

14 Nazi izinhloko zokhokho ngokwezindlu zazo: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: nguHanoki, uPhalu, uHezironi, noKharimi. Yiyo-ke le imindeni kaRubeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli; uHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; lezi ziyizizukulwane zikaRubeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 6:14
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaLevi: nguGereshoni, uKhohathi, noMerari.


namadodana akhe uHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharimi.


Nazi izinhloko zezindlu zokhokho babo: ngu-Eferi, u-Ishi, u-Eliyeli, u-Aziriyeli, uJeremiya, uHodaviya noJahidiyeli; babengamaqhawe anamandla, amadoda anegama futhi eyizinhloko zezindlu zokhokho babo.


Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: kwakunguHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharmi.


Amadodana kaThola: kwakungu-Uzi, uRefaya, uJeriyeli, uJahemayi, u-Ibhisamu, noShemuweli. Babeyizinhloko zezindlu zokhokho babo, abakwaThola, bengamaqhawe anamandla ngezizukulwane zabo. Ubuningi babo ngesikhathi sikaDavide babeyizi-22 600.


Amadodana kaBhela: kwakungu-Eshibhoni, u-Uzi, u-Uziyeli, uJeremothi, no-Iri, eyisihlanu esewonke. Ayeyizinhloko zezindlu zawoyise, engamaqhawe anamandla, ayeyizi-22 034, wonke ebhalwe ngokwezizukulwane zawo.


Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zezakhamuzi zaseGebha, ezathunjelwa eManahathi,


USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni ukuba bayale abantu bakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibhithe ukuba akhiphe abantu bakwa-Israyeli eGibhithe.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wathatha enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, yaba ngumkakhe, yamzalela uFinehasi. Yilezi-ke izinhloko zokhokho babaLevi ngemindeni yabo.


ngosuku lokuqala enyangeni yesibili, baqoqa yonke inhlangano, base bebabhalisa ngokokhokho babo, ngemindeni yabo, nangokwezindlu zokhokho babo. Wonke amagama abantu besilisa abaneminyaka engama-20 nangaphezulu abhalwa, futhi abalwa,


Abozalo lukaSimeyoni ngemindeni yabo yilaba: kuNemuweli: ngumndeni wabakwaNemuweli; kuJamini: ngumndeni wabakwaJamini; kuJakhini: ngumndeni wabakwaJakhini;


UMose wanika isizwana sakwaRubeni ifa laso ngokwezindlu zaso.


Umngcele wabakwaRubeni kwakuyiJordani nosebe lwalo. Leli kwakuyifa lozalo lukaRubeni ngokwemindeni yabo, imizi nemizana yabo.


Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona.


Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ