Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 40:38 - IsiZulu 2020

38 Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Ngoba ifu leNkosi laliphezu kwethabhanekele emini, lomlilo wawuphezu kwalo ebusuku phambi kwamehlo ayo yonke indlu kaIsrayeli ezinkambeni zabo zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 40:38
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo abantu bakwa-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla. Bengihamba ngehla ngenyuka nani ngisethendeni nasethabanakelini.


Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokubakhanyisela ebusuku.


Emini wabahola ngefu, ubusuku bonke, ngokukhanya komlilo.


Emini uSimakade wayehamba phambi kwabo ngensika yefu ukubakhombisa indlela, kuthi ebusuku ahambe phambi kwabo ngensika yomlilo ukuze abakhanyisele, bahambe ubusuku nemini.


Akayisusanga phambi kwabantu insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku.


Ifu likaSimakade laliphezu kwabo emini, lapho besuka enkanjini.


Abayukushiya lutho kuze kube sekuseni, abayukuphula thambo lalo. Bayakuligcina iphasika njengokwezimiso zalo zonke.


Ngosuku okwamiswa ngalo ithabanakeli, ifu lalilisibekela ithabanakeli nethende lobufakazi; kusihlwa laliba phezu kwethabanakeli libonakale njengomlilo kuze kube sekuseni.


Kwakuhlala kunjalo, ifu lalilisibekela, kubonakale umlilo ebusuku.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ