Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 40:20 - IsiZulu 2020

20 Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wathatha ubufakazi, wabufaka emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 40:20
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, lapho uSimakade enza khona isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona.


Umphongolo wawungenalutho, ngaphandle kwezibhebhe zamatshe ezimbili ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, ngesikhathi uSimakade enza isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli, ekuphumeni kwabo eGibhithe.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”


Njengalokhu uSimakade emyalile uMose, u-Aroni walibeka i-omeri lemana phambi kobufakazi, ukuze lilondolozeke kahle.


Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo wesivumelwano endaweni engcwelengcwele.


USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Walendlala ithende phezu kwethabanakeli, weleka ngokokulimboza phezu kwalo, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.


Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini,


Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano.


Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ