Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 39:5 - IsiZulu 2020

5 Ibhande elihlotshisiwe lokuyibopha elalikuyo lalenziwe ngendlela efanayo nezingubo, lenziwe ngegolide, ngensonto eluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo; njengokuba uSimakade ayemyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ibhande* elalukiwe kahle elalikuyo ukuyibhinca lalikunye nayo, lifana nokusetshenzwa kwayo, lalingelegolide, lingokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, njengalokho uJehova emyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ibhande le-efodi eliphezu kwayo lalivela kuyo njengomsebenzi wayo; ngegolide, nokububende, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; njengalokho uJehova emyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 39:5
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, ilineni elicolekileyo, uboya bezimbuzi;


Ibhande elikuyo liyokwenziwa ngobuciko obufanayo ngokuyigolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo.


Bese uthatha izingubo zobuphristi umgqokise u-Aroni ingubo, ibhantshi, ingubo yamahlombe, nesivikelo sesifuba, umbophe ngebhande lengubo yamahlombe elifekethisiweyo.


Bayenzela iziziba zamahlombe ezihlanganisiweyo; bayixhuma emaceleni omabili.


Balungisa amatshe e-oniksi, ayezungezwe yizisekelo zegolide, eqoshwe njengendandatho, kwaqoshwa kuwo amagama amadodana kaJakobe.


Ukulunga kuyoba yibhande okhalo lwakhe, ukwethembeka kube yibhande lamanyonga akhe.


Wamgqokisa ibhantshi, wambopha ngebhande okhalo, wamembathisa ijazi, wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande lengubo yamahlombe elihlotshisiweyo, wayibopha ngalo.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa,


Phakathi kwezinti zezibani kwakukhona ofana nendodana yomuntu, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ