Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 38:8 - IsiZulu 2020

8 Wenza umcengezi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane ababesebenza emnyango wethende lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wawenza umcengezi wethusi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wenza isitsha sethusi nothi lwalo ngethusi, ngezibuko zabesifazane ababebuthene ngasemnyango wetende lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 38:8
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza imicengezi yethusi elishumi; umcengezi ngamunye wawulingene namabhathi angama-40; yilowo nalowo mcengezi wawungamakhubhithi amane, naphezu kwezinqe ezilishumi ngazinye, kwakukhona umcengezi owodwa.


Wenza nolwandle olubunjiweyo: kusukela kulolu dini kuya kolunye udini luyisiyingilizi; lungamakhubhithi alishumi, ukuphakama kwalo kungamakhubhithi ayisihlanu. Lalizungezwe ngomucu ongamakhubhithi angama-30.


Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,


i-althare lokushisela umnikelo nezitsha zalo, umcengezi nesinqe sawo,


wazifaka izingongolo emasongweni asezinhlangothini ze-althare, ukuze lithwalwe ngazo. I-althare walenza ngamapulangwe; laba wugobhozi.


Ubeke umcengezi phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuwo.


Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.


izibuko, ilineni elicolekileyo, imishuqulo, nezilwembu zokuhlonipha.


Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


UPhethro wayehleli phandle egcekeni, enye yamantombazane yeza kuye, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.”


Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.


UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho olunye, kuphela ukugezwa izinyawo, ngalokho umzimba wonke ugezekile. Nina-ke nigezekile, kodwa hhayi nina nonke.”


Kepha uPhethro wayemi ngaphandle kwesango. Waphuma lowo mfundi owayaziwa ngumphristi omkhulu, wakhuluma nentombazane engumlindimnyango, yayisimngenisa uPhethro.


Lowo ongumfelokazi ngempela, ongenabani, uthembele kuNkulunkulu, uhlala enxusa, ekhuleka ubusuku nemini.


Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu. Umuntu owenza ukulunga, ulungile, njengokuba Yena elungile.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ