Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 38:27 - IsiZulu 2020

27 Amathalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izisekelo zendawo engcwele, nezisekelo zesihenqo; izisekelo eziyikhulu zingamathalenta ayikhulu, kuyithalenta isisekelo ngasinye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Amatalenta* ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo, izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu, italenta ngonyawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Amatalenta ayikhulu esiliva kwakubunjiwe izinyawo zendlu engcwele nezinyawo zesihenqo; izikhonkwane eziyikhulu zamatalenta ayikhulu, italenta esitheni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 38:27
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyokwenza izisekelo zesiliva ezingama-40 phansi kwamapulangwe angama-20, izisekelo ezimbili zibe phansi kwepulangwe lokuqala, ukuze zibambe izimpondo zalo; izisekelo ezimbili ngaphansi kwepulangwe elilandelayo, zibe yizikhonkwane ezimbili;


nezisekelo zesiliva ezingama-40, izisekelo ezimbili zibe phansi kwepulangwe lokuqala, ezinye ezimbili zibe phansi kwepulangwe elilandelayo.


Ngakho-ke kuyokuba namapulangwe ayisishiyagalombili anezisekelo zesiliva ezili-16, zibe mbili phansi kwepulangwe ngalinye.


Uyosilengisa ezinsikeni ezine zokhuni lomkhambathi ezicakwe ngegolide, ezinezinkintsho zegolide, futhi zimi ezisekelweni ezine.


Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.


Wenza izinkintsho zezinsika ngamashekeli ayi-1 775 wacaka izihloko zawo, wenza nezibopho zazo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ