Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 37:9 - IsiZulu 2020

9 Amakherubhi ayendlale amaphiko awo phezu kwesihlalo somusa, esembozile; ebhekene ngobuso bawo, ayesebheka esihlalweni somusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amakherubi awelula amaphiko awo ngaphezulu, amboza isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekana ngobuso; ubuso bamakherubi babheka isihlalo somusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amakherubi awelula amaphiko awo phezulu, asibekela isihlalo somusa ngamaphiko awo, ubuso bawo bubhekene; ubuso bamakherubi babukhuphukela esihlalweni somusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 37:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso.


Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.


Wawabeka amakherubhi phakathi nendlu engaphakathi; amakherubhi awelula amaphiko, iphiko lelinye lathinta odongeni, nephiko lelinye ikherubhi lathinta odongeni olunye; amaphiko awo athintana phakathi nendlu.


Amakherubhi ayokwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze ngawo isihlalo somusa, abhekane ngobuso; ubuso bawo buyobheka isihlalo somusa.


Walakha itafula ngokhuni lomkhambathi, laba ngamakhubhithi amabili ubude, nekhubhithi ububanzi, nekhubhithi nengxenye ukuphakama.


ikherubhi ngalinye ekugcineni kwalolu hlangothi lwesihlalo somusa, nelinye ekugcineni kolunye uhlangothi, kulelo nalelo chopho lesivalo.


Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi; yilelo nalelo linamaphiko ayisithupha; ngamabili awo lamboza ubuso balo, ngamabili lamboza izinyawo zalo, nangamabili landiza.


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.”


Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.


ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ