Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:9 - IsiZulu 2020

9 USimakade wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibabonile lababantu; khangela, bangabantu abanenkani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:9
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha abamlalelanga, benza lukhuni izinhliziyo zabo, njengokhokho babo abangazange bamethembe uSimakade uNkulunkulu wabo.


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


“Kepha bona nokhokho bethu benza ububi, baziphakamisa, baba nenkani, bayephula imiyalelo yakho.


Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,


Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Khuphukani niye ezweni elichichima ubisi noju, kodwa Mina ngeke ngibe phakathi kwenu, ngokuba ningabantu abantamo lukhuni, funa nginiqede nya endleleni.”


Ngokuba uSimakade wayethe kuMose: “Shono kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo lukhuni, uma nje ngingakhuphuka nani umzuzu ube munye, ngiyoniqothula nya. Ngakho-ke khumulani imvunulo yenu ukuze nginqume ukuthi ngizonenzenjani.’ ”


Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani, nentamo yenu ingumsipha wensimbi, nebunzi lenu liyithusi;


Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”


Ngibone into ehlasimulisayo endlini yakwa-Israyeli: kukhona ubufebe kwa-Efrayimi, u-Israyeli uzingcolisile.


USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Ngalokho niyakusoka ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba ntamo lukhuni.


Mina ngiyakwazi ukuhlubuka kwakho nokuba nguntamo lukhuni kwakho. Bheka nje, ngisekhona nani namuhla seniyamhlubuka uSimakade; pho kuyoba kukhulu kangakanani sengifile, na?


“USimakade wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;


Yazi-ke lokhu, uSimakade uNkulunkulu wakho akakuniki leli lizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ