Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:7 - IsiZulu 2020

7 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Phuthuma wehle, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe benze isono.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova wayesethi kuMose: “Hamba, wehle; ngoba abantu bakho owabakhupha elizweni leGibhithe bazichithile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:7
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengalokho konke ayekwenzile uyise, u-Uziya, kodwa akazange angene ethempelini likaSimakade. Abantu baqhubeka ukwenza okungalungile.


Ngemilomo yabo babemthopha, kodwa beqamba amanga bngezilimi zabo.


USimakade wathi kuye: “Yehla, uhambe ubuye no-Aroni nize lapha, kodwa abaphristi nabantu mabangafohli bakhuphukele kuSimakade funa ababhubhise.”


Lapho abantu bebona ukuthi uMose usephuzile ukwehla entabeni, babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Woza, usenzele onkulunkulu abazohamba phambi kwethu, ngokuba lo Mose, umuntu owasikhipha eGibhithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


UMose washweleza kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhipha eGibhithe ngamandla amakhulu, nangesandla esiqinileyo na?


Wawathatha ezandleni zabo, wawancibilikisa, wabumba, waqopha, wenza ithole ngalolo bumba. Abantu bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


USimakade wathi kuMose: “Hamba, suka kule ndawo, wena nabantu owabakhipha eGibhithe, niye ezweni engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyolinika izizukulwane zakho.’


Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


“Bonile kuye; abaseyibo abantwana bakhe, ngenxa yesici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.


Funa nenze okubi, nizenzele izithombe ezibaziweyo, eziwumfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,


USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’


NaseHorebhe namthukuthelisa uSimakade, uSimakade wanithukuthelela waze wafuna ukunibhubhisa.


Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ