Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:30 - IsiZulu 2020

30 Ngakusasa uMose wathi kubantu: “Nenze isono esikhulu. Kepha manje ngizakukhuphukela kuSimakade, hleze ngikwazi ukunihlawulela isono senu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenze isono esikhulu; manje ngizokhuphukela eNkosini; mhlawumbe ngizakuhlawulela isono senu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:30
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni,


Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”


USimakade wehlukanisa u-Israyeli nendlu kaDavide. UJerobhowamu, indodana kaNebhathi, bambeka waba yinkosi, nokho wahlubukisa u-Israyeli, akabe esalandela uSimakade, wamonisa ngesono esikhulu.


UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.


UMose wayesethi: “Namhlanje nizehlukanisele umsebenzi kaSimakade, ngokuba yilowo nalowo umelene nendodana yakhe, nomfowabo, ngaleyo ndlela nazilethela isibusiso namuhla.”


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


Kwazi bani? Hleze uNkulunkulu angacabanga ngokunye, abe nobubele kithi, alubambe ulaka lwakhe oluvuthayo, angabe esasibhubhisa.”


U-Aroni wasithatha njengalokhu ekhulumile uMose, wagijima waya phakathi kwebandla. Uyabona-ke, lwaseluqalile ubhubhane phakathi kwabantu; wafaka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana.


Siyakuba ngesakhe nezizukulwane zakhe, kube yisivumelwano sobuphristi obuphakade, ngokuba ube nentshisekelo ngoNkulunkulu wakhe, wenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”


Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: baba, ngonile kuNkulunkulu nakuwe;


Ngenxa yalokho, ngithi kuwe: izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uveze uthando olukhulu. Kepha lowo othethelelwe okuncane, uthanda kancane.”


ngokuba ngangifisa ukuba ngoqalekisiweyo, ngisuswe kuKhristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokobuzwe,


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


ibayale ngomoya omnene abamelene nayo, hleze uNkulunkulu abanike ithuba lokuphenduka, baze balivume iqiniso,


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


Angithi namuhla yisikhathi sokuvuna ukolo na? Ngizokhuleka kuSimakade ukuba alethe ukuduma nemvula, ukuze nazi, nibone ukuthi bukhulu kangakanani ububi enibenzile emehlweni kaSimakade ngokucela inkosi.”


Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Zikhulekele izinceku zakho kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuze singafi, ngokuba senezele phezu kwabo bonke ububi bethu ngokuzicelela inkosi.”


USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi nakuba nikwenzile konke lokho okubi, ningaphambuki ekumlandeleni uSimakade, kodwa mkhonzeni uSimakade ngayo yonke inhliziyo yenu.


Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ