Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:29 - IsiZulu 2020

29 UMose wayesethi: “Namhlanje nizehlukanisele umsebenzi kaSimakade, ngokuba yilowo nalowo umelene nendodana yakhe, nomfowabo, ngaleyo ndlela nazilethela isibusiso namuhla.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Wayesethi uMose: “Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngokuba uMose wathi: “Zibonakaliseni namuhla kuJehova, kube yilowo nalowo endodaneni yakhe nakumfowabo; ukuze akuphe isibusiso lamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:29
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kubaLevi ababefundisa wonke u-Israyeli, futhi ababengcwele kuSimakade: “Bekani umphongolo ongcwele endlini eyakhiwa nguSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Akuseyukuba bikho mthwalo phezu kwamahlombe enu, manje mkhonzeni uSimakade uNkulunkulu wenu nabantu bakhe, u-Israyeli.


Amadodana kaLevi enza njengoba ayeshilo uMose. Abulala abantu ababalelwa kwabayizi-3 000 ngalolo lusuku.


Ngakusasa uMose wathi kubantu: “Nenze isono esikhulu. Kepha manje ngizakukhuphukela kuSimakade, hleze ngikwazi ukunihlawulela isono senu.”


Ukwenza ukulunga nobulungiswa kuyathandeka kuSimakade, ngaphezu kwemihlatshelo.


Kuyakuthi uma omunye ephrofetha, uyise nonina abamzalayo bathi kuye: ‘Kufanele ufe, ngokuba uqambe amanga egameni likaSimakade,’ uyise nonina bayakumgwaza esaphrofetha.


“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ