Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:28 - IsiZulu 2020

28 Amadodana kaLevi enza njengoba ayeshilo uMose. Abulala abantu ababalelwa kwabayizi-3 000 ngalolo lusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Amadodana kaLevi enza njengezwi likaMose, kwawa ngalolo suku abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Abantwana bakwaLevi benza njengezwi likaMose; kwawa ngalolo suku kubantu kungathi izinkulungwane ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:28
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Simakade Nkulunkulu wethu, Wena wabaphendula, waba nguNkulunkulu othethelelayo kubo, nophindiselayo ngezenzo zabo.


Wayesethi kuwo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo makagaxe inkemba enqulwini yakhe, adabule enkanjini, ehle enyuka kusukela kwelinye isango kuya kwelinye isango enkanjini, yilowo nalowo abulale umfowabo, umngani wakhe, nomakhelwane wakhe.’ ”


UMose wayesethi: “Namhlanje nizehlukanisele umsebenzi kaSimakade, ngokuba yilowo nalowo umelene nendodana yakhe, nomfowabo, ngaleyo ndlela nazilethela isibusiso namuhla.”


USimakade wayesebashaya abantu ngobhubhane, ngokuba benza ithole, lelo elalenziwe ngu-Aroni.


Ngakusasa yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yakhononda ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibulele abantu bakaSimakade.”


UFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi, wakubona lokho, wasukuma phakathi kwenhlangano, wadumela umkhonto wakhe.


Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”


Masingafebi njengokuba abanye babo bafeba, bafa ngalusuku lunye abayizi-23 000.


owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ