Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:27 - IsiZulu 2020

27 Wayesethi kuwo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo makagaxe inkemba enqulwini yakhe, adabule enkanjini, ehle enyuka kusukela kwelinye isango kuya kwelinye isango enkanjini, yilowo nalowo abulale umfowabo, umngani wakhe, nomakhelwane wakhe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Wayesethi kuwo: “Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu,* aye emuva, aye phambili, kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo, nalowo umngane wakhe, nalowo umakhelwane wakhe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Wathi kubo: “Isho kanje iNkosi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ithi: ‘Bekani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe eceleni kwakhe, ningene, niphume esangweni, niye esangweni, phakathi kwekamu lonke, nibulale, kube yilowo nalowo umfowabo, kube yilowo nalowo umfowabo. Umngane, ngulowo lalowo umakhelwane wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:27
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho eqeda ukunikela ngomnikelo wokushiswa, uJehu wathi kubalindi nasezinduneni: “Hambani nibabulale, kungaphunyuki ngisho noyedwa.” Bababulala ngenkemba. Abalindi nezinduna babantshinga phandle, bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBhali.


UMose wayesema esangweni enkanjini, wathi: “AbakaSimakade mabeze kimi.” Wonke amadodana kaLevi abuthana kuye.


Amadodana kaLevi enza njengoba ayeshilo uMose. Abulala abantu ababalelwa kwabayizi-3 000 ngalolo lusuku.


UMose wayesethi: “Namhlanje nizehlukanisele umsebenzi kaSimakade, ngokuba yilowo nalowo umelene nendodana yakhe, nomfowabo, ngaleyo ndlela nazilethela isibusiso namuhla.”


Ngamuzwa ethi kulawa amanye amadoda: “Dabulani emzini nilandele leyo ndoda, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi naluzwelo.


UMose wathi kubehluleli bakwa-Israyeli: “Yilowo nalowo makabulale abantu bakhe abazihlanganise noBhali Pheyori.”


“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Niyakumkhanda ngamatshe aze afe, ngokuba uzame ukunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


“Uma umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho ocamela esifubeni sakho, noma umngani wakho eningamathe nolimi naye ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’ nina nokhokho benu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ