Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:25 - IsiZulu 2020

25 UMose wabona ukuthi abantu sebeyimidlwembe, ngokuba u-Aroni wayebayekile baphuma esandleni, baze bahlekwa yizitha zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UMose wababona abantu ukuthi babedlubulundile; ngokuba u-Aroni wayebakhululile baze bahlekwa yizitha zabo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Lapho uMose ebona ukuthi abantu babenqunu; ngokuba u-Aroni wabanqunula, kwaba yihlazo phakathi kwezitha zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:25
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.”


Inkosi yathola iseluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kwabakwa-Israyeli: “Sekwanele manje ukuba nilokhu nikhuphukela eJerusalema; manje nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.”


USimakade wayemthobisile uJuda ngenxa ka-Ahazi, inkosi yakwa-Israyeli, ngoba engamnakanga uJuda futhi akethembeka kuSimakade.


UMose wayesema esangweni enkanjini, wathi: “AbakaSimakade mabeze kimi.” Wonke amadodana kaLevi abuthana kuye.


Lapho kungekho mbono khona, abantu baba wumhlambi kazalusile, kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.


Ubunqunu bakho mabuvele obala libonakale ihlazo lakho, ngiyoziphindiselela, angiyukushiya noyedwa.


Ngizakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaSimakade nesimiso sikaNkulunkulu wabo,” nokho nabo balephulile ijoka ngokufanayo, bazigqabula izibopho.


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usawuvula umlomo wakho futhi, ngenxa yehlazo lakho, lapho sengikuthethelele konke okwenzileyo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo, ngimenze afane nehlane, abe njengezwe eligagadekile, bese ngimbulala fi ngokoma.


Dlulani nqunu ninehlazo nina enihlala eShafiri. Nina enakhe eZanani ngeke niphume, isililo eBhethi Ezeli siyakunithathela lokho enithembele kukho.


Naninasithelo sini ngaleso sikhathi eseninamahloni ngaso manje, ngokuba isiphetho salokho ngukufa.


USimakade wamthukuthelela kakhulu u-Aroni, futhi wayekulungele ukuba ambhubhise; ngamkhulekela u-Aroni ngaleso sikhathi.


Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ