Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 31:2 - IsiZulu 2020

2 “Bheka, ngimbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, ka-Huri wesizwe sakwaJuda,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHuri, owesizwe sakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 31:2
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayeyindodana yomfelokazi wesizwana sakwaNafethali, uyise engowaseThire, indoda eyayisebenza ithusi, ihlakaniphile, inokuqonda, futhi inobungcweti bokwenza noma yimuphi umsebenzi wethusi. UHiramu wafika enkosini uSolomoni, wayenzela wonke umsebenzi wayo.


I-althare lethusi elalenziwe nguBhezaleli, indodana ka-Uri kaHure, nalo wayelibeke phambi kwethabanakeli likaSimakade. USolomoni nebandla baya kulo ukuyobuza kuSimakade.


UJoshuwa wenza njengalokhu uMose eshilo kuye, walwa nama-Amaleki, ngesikhathi uMose, u-Aroni, noHure bekhuphukela esiqongweni sentaba.


UMose wathi kuSimakade: “Bheka, uthe kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kodwa awungitshelanga ukuthi ngubani oyakumthuma nami. Uthe: ‘Ngiyakwazi ngegama, futhi ufumene umusa emehlweni ami.’


USimakade wathi kuMose: “Ngizokwenza nalokho okucelileyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami, futhi ngikwazi ngegama.”


UMose wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Bhekani, uSimakade umbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, kaHuri, wesizwe sakwaJuda.


“UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”


UBhezaleli wawakha umphongolo ngokhuni lomkhambathi; waba ngamakhubhithi amabili nengxenye ubude, yikhubhithi nengxenye ububanzi, nekhubhithi nengxenye ukuphakama.


UBhezaleli indodana ka-Uri, kaHure wesizwana sakwaJuda, wenza konke lokho uSimakade ayeyale ngakho uMose.


Wayeno-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi wesizwana sakwaDani, umqophi, nengcweti yokuhlobisa, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo.


UJohane waphendula, wathi: “Umuntu angemukele lutho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ