12 USimakade wathi kuMose:
12 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.
Akuyibo yini lobu bubi noyihlo ababenza, obalethela thina nalo muzi inhlekelele na? Manje nani niyaqhubeka nigovuza ulaka lukaNkulunkulu ukuba amelane no-Israyeli ngokuthi ningcolise iSabatha na?”
Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.
amafutha okugcoba, nempepho enuka kahle yendawo engcwele. Bayokwenza konke lokhu njengalokhu ngikuyalile.”
“Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyakugcina amasabatha ami, ngokuba awuphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguSimakade oningcwelisayo.
Ngakho-ke abaJuda bathi kulowo muntu owayesephilisiwe: “Yisabatha namuhla, akuvumelekile ukuba uthwale uhlaka lwakho.”