1 USimakade wakhuluma kuMose wathi:
1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
UMose walihlanganisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, wathi kulo: “Yilokhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze:
“Bonke abanekhono phakathi kwenu bayokuza bezokwenza konke uSimakade ayale ukuba kwenziwe:
UMose wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Bhekani, uSimakade umbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, kaHuri, wesizwe sakwaJuda.
“UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”
UBhezaleli indodana ka-Uri, kaHure wesizwana sakwaJuda, wenza konke lokho uSimakade ayeyale ngakho uMose.
Umsebenzi wabo kwakungukugcina umphongolo, itafula, uthi lwezibani, ama-althare, izitsha ezisetshenziswa endaweni engcwele, ikhethini nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.