Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 30:18 - IsiZulu 2020

18 “Uyokwenza indishi yethusi yokugezela, ibe nesinqe sethusi, uyoyibeka phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kumelwe wenze umcengezi wethusi nonyawo lwawo lube ngethusi okuzogezwa ngalo; uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 30:18
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza ulwandle olubunjiweyo; lwalungamakhubhithi alishumi kusukela komunye umphetho kuze kufike komunye, luyindilinga. Ukuphakama kwalo kwakungamakhubhithi ayisihlanu, luzungezwe nxazonke yintambo yokulinganisa engamakhubhithi angama-30.


Wenza imicengezi yethusi elishumi; umcengezi ngamunye wawulingene namabhathi angama-40; yilowo nalowo mcengezi wawungamakhubhithi amane, naphezu kwezinqe ezilishumi ngazinye, kwakukhona umcengezi owodwa.


Wenza nolwandle olubunjiweyo: kusukela kulolu dini kuya kolunye udini luyisiyingilizi; lungamakhubhithi alishumi, ukuphakama kwalo kungamakhubhithi ayisihlanu. Lalizungezwe ngomucu ongamakhubhithi angama-30.


Wakha imicengezi elishumi, eyisihlanu wayibeka ngakwesokunene, neminye eyisihlanu ngakwesokhohlo ukuze kuhlanjelwe kuyo. Bagezele kuyo okweminikelo yokushiswa, kodwa ulwandle lwaluhlambela abaphristi kuphela.


i-althare lokushisela umnikelo nezitsha zalo, umcengezi nesinqe sawo,


Wenza umcengezi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane ababesebenza emnyango wethende lokuhlangana.


Ubeke umcengezi phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuwo.


Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi.


Wafafaza ngamanye i-althare kasikhombisa, waligcoba i-althare nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.


Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele,


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ