17 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
17 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Wenza ulwandle olubunjiweyo; lwalungamakhubhithi alishumi kusukela komunye umphetho kuze kufike komunye, luyindilinga. Ukuphakama kwalo kwakungamakhubhithi ayisihlanu, luzungezwe nxazonke yintambo yokulinganisa engamakhubhithi angama-30.
Wenza imicengezi yethusi elishumi; umcengezi ngamunye wawulingene namabhathi angama-40; yilowo nalowo mcengezi wawungamakhubhithi amane, naphezu kwezinqe ezilishumi ngazinye, kwakukhona umcengezi owodwa.
Wakha imicengezi elishumi, eyisihlanu wayibeka ngakwesokunene, neminye eyisihlanu ngakwesokhohlo ukuze kuhlanjelwe kuyo. Bagezele kuyo okweminikelo yokushiswa, kodwa ulwandle lwaluhlambela abaphristi kuphela.
Uyothatha imali yenhlawulo kubantu bakwa-Israyeli uyisebenzisele izinkonzo ethendeni lokuhlangana. Iyokuba yisikhumbuzo sesihlengo esenziwa ngenxa yempilo yabo phambi kukaSimakade, kubantu bakwa-Israyeli.”
“Uyokwenza indishi yethusi yokugezela, ibe nesinqe sethusi, uyoyibeka phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuyo.
Wenza i-althare lomnikelo wokushiswa ngokhuni lomkhambathi; laba ngamakhubhithi ayisihlanu ubude, namakhubhithi ayisihlanu ububanzi; laba yisikwele, nokuphakama kwalo kwaba ngamakhubhithi amathathu.
Wenza umcengezi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane ababesebenza emnyango wethende lokuhlangana.