Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 30:13 - IsiZulu 2020

13 Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera* angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Lokhu bayakukunika: yilowo nalowo owadlula kwababalwayo, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele; ishekeli lingamagera angamashumi amabili; ingxenye yeshekeli izakuba ngumnikelo weNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 30:13
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Mnumzane, ngilalele, lesi siqinti somhlaba singabiza amashekeli esiliva angama-400, bekuyini khona lokho phakathi kwami nawe na? Ngcwaba umkakho kuso.”


UJehowashi wathi kubaphristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elilethwa endlini kaSimakade, imali eyamukelwayo, imali yilowo nalowo muntu anqunyelwe yona, yonke imali umuntu ayinikela ngokwenhliziyo yakhe endlini kaSimakade,


makuthathwe ngabaphristi. Makube yilowo nalowo akuthathe kumakhelwane wakhe, yikho abazolungisa ngakho izimfa zendlu, kuyo yonke indawo lapho kutholakala khona ufa.”


Yilowo nalowo osebaliwe, oneminyaka engama-20 ubudala nangaphezulu uyonikela umnikelo kuSimakade.


Lonke igolide elasetshenziselwa lowo msebenzi, kuwo wonke umsebenzi wendawo engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta angama-29, namashekeli angama-730 ngokweshekeli lendlu engcwele.


Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.


Ishekeli liyakuba ngamagera angama-20; amashekeli angama-20, angama-25, nali-15 ayakuba ngumina kinina.


Konke ukulinganisa kuyakuba ngokweshekeli lendawo engcwele; amagera angama-20 ayakuba yishekeli.


isilinganiso ngowesilisa siyakuba: kusukela eminyakeni engama-20 kuya kwengama-60 siyakuba ngamashekeli esiliva angama-50 ngokwesilinganiso seshekeli lasendaweni engcwele.


“Uma omunye wenu enza isiphambeko, ona engahlosile ezintweni ezingcwele zikaSimakade, uyoletha kuSimakade umnikelo wecala, inqama enganasici ezimvini zakhe, noma kube yizinhlamvu zesiliva ngokweshekeli lendlu engcwele; lokho kungumnikelo wecala.


Intengo yokuhlengwayo, kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho, iyoba ngamashekeli ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendawo engcwele elingamagera angama-20.


uyakuthatha amashekeli ayisihlanu ngenhloko ngayinye, lawo ngokweshekeli lendawo engcwele. Uyothatha ishekeli elingamagera angama-20;


Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,


Izitsha zegolide zili-12 zigcwele impepho, yileso naleso singamashekeli ayishumi ngokweshekeli lendawo engcwele. Lonke igolide elenza izitsha lalingamashekeli ayi-120.


Kuthe sebefikile eKhaphernawume, abaqoqi bemali yethempeli baya kuPhethro, bambuza, bathi: “Kungani umfundisi wenu engayitheli imali yethempeli na?”


UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.


Kuthe uPilatu esebona ukuthi akukho angakwenza, futhi sekuqala isiyaluyalu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ