Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 27:9 - IsiZulu 2020

9 “Uyokwenza igceke lethabanakeli. Ngaseningizimu yegceke kube khona amakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, ubude bawo bube ngamakhubhithi ayikhulu ohlangothini ngalunye;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Wolenza igceke letabernakele;* ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uyakwenza igceke letabernakele ohlangothini oluseningizimu, ngaseningizimu, kube khona izilenge zegceke ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ngalapha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 27:9
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.


Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaSimakade, yanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, ngomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.


Emagcekeni omabili endlu kaSimakade, wakhela lonke ibandla lasezulwini ama-althare.


Wenza igceke labaphristi, igceke elikhulu, iminyango yegceke, nezivalo zayo wazemboza ngethusi.


Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe.


emagcekeni endlu kaSimakade, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!


Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.


Batshalwe endlini kaSimakade, bamilile emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


izinsika zalo ezingama-20, nezisekelo zazo ezingama-20 ziyokwenziwa ngethusi; izinkintsho zezinsika nezibopho zazo zenziwe ngesiliva.


amakhethini egceke, izinsika zalo, izisekelo zalo, ikhethini lasesangweni legceke,


Benza izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini elaligcinile ekhethinini lokuqala, benza futhi izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini elaligcinile esiqeshini sesibili.


amakhethini egceke, izinsika nezisekelo zalo, ikhethini elihenqa isango legceke, izintambo zalo, izikhonkwane zalo, nakho konke okusetshenziselwa inkonzo yethabanakeli ethendeni lokuhlangana,


Walungisa igceke nxazonke zethabanakeli ne-althare, walengisa isihenqo sesango lalo. Wawuphothula kanjalo-ke uMose umsebenzi.


Uyakulungisa igceke nxazonke, bese ulengisa isihenqo sesango legceke.


Wenza nezinsika: zingamakhubhithi angama-60, isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; uyabona-ke, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo egcekeni nxazonke; kwakukhona namakamelo angama-30 endaweni egandayiweyo.


Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.


Kwakukhona isango legceke elingaphakathi maqondana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa kusukela esangweni kuze kube sesangweni, kwaba ngamakhubhithi ayikhulu.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango eliseningizimu; walilinganisa lelo sango njengezilinganiso ezibalulwe ngenhla.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso ezishiwo ngenhla,


Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli esegcekeni elingaphakathi, elaliseceleni kwesango elisenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango elisempumalanga, libheke ngasenyakatho.


Ngakolunye uhlangothi kwakungamakhubhithi angama-20, ayezungeze igceke elingaphakathi, kuthi maqondana nendawo egandayiweyo eyayingeyegceke elingaphandle kube khona umpheme oqondene nemipheme eyelakanyene kathathu.


namakhethini asegcekeni nekhethini elisemnyango wegceke elizungeze ithabanakeli ne-althare, izintambo zalo, nayo yonke imisebenzi ephathelene nalezo zinto.


amakhethini asegcekeni, isihenqo somnyango wesango legceke elingasethabanakelini nase-althare nxazonke, izintambo zalo, nayo yonke impahla abayisebenzisayo; bayokwenza konke okudinga ukwenziwa maqondana nabo.


izinsika zegceke nxazonke, izisekelo zalo, izikhonkwane zalo, izintambo zalo, impahla yalo yonke, nomsebenzi walo wonke, niyoyisho ngamagama impahla okufanele bayithwale.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ