Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 27:3 - IsiZulu 2020

3 Uyokwenza izitsha zalo zokubutha umlotha, amafosholo alo, izitsha zalo, izimfologo zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uyozenza zonke izimpahla zalo ngethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uzenze zonke izinto zalo ngethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uyakwenza izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimpondo zalo, nemicengezi yalo yomlilo; zonke izitsha zakhe uzenze ngethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 27:3
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHiramu wenza leyo micengezi, amafosholo, nezitsha. UHiramu waqeda ukwenza wonke umsebenzi ayewenzela inkosi uSolomoni endlini kaSimakade:


amabhodwe, amafosholo, nezitsha. Zonke lezi zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaSimakade, zazenziwe ngethusi elicwebezelisiweyo.


izindebe, izizenze, izitsha, izinkezo, imicengezi yomlilo, igolide elicwengekileyo, izingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, izicabha zendawo engcwelengcwele, nezicabha zendlu yethempeli, konke wakwenza ngegolide.


Amabhodwe, izimfologo, izizenze, izinkezo, nezitsha zethusi, ababekhonza ngakho, akuthatha.


Imicengezi yomlilo, izitsha zegolide lodwa, nezesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.


Izingwegwe zenyama, izinkamba, izitsha zegolide elicwengekileyo, zonke izindebe zegolide, isisindo saleso naleso sitsha.


UHuramu wenza amabhodwe, amafosholo, nezitsha. UHuramu wawuqeda umsebenzi ayewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:


Wenza amabhodwe, amafosholo, izingwegwe zenyama, nazo zonke izimpahla uHuramu Abhi akwenzela inkosi uSolomoni ngethusi elikhazimulayo, kwaba ngokwendlu kaSimakade.


UMose wathatha ingxenye yegazi walithela ezitsheni, kwathi enye wafafaza ngayo i-althare.


Zonke izimpahla ezisetshenziswa ethabanakelini, izikhonkwane zakhona nazo zonke ezasegcekeni mazenziwe ngethusi.


Uyokwenza izimpondo zalo emakhoneni omane alo, izimpondo zalo zibe yinto eyodwa ne-althare, ulicake ngethusi.


Uyakulenzela futhi isisefo sethusi esenziwe njengenetha, uyokwenza amasongo amane ethusi enetheni kuwo omane amakhona alo.


Wenza zonke izimpahla ze-althare; amabhodwe, amafosholo, imicengezi, izimfologo nemicengezi yomlilo, konke wakwenza ngethusi.


Uyothatha isitsha sempepho esigcwele amalahle omlilo ase-althare phambi kukaSimakade, nempepho egxotshiwe igcwele izandla zakhe zombili, angene nayo ngaphakathi kwesihenqo.


babeke kuyo zonke izimpahla zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, izimfologo, amafosholo, nezimpahla zonke ze-althare, bendlale phezu kwazo isembozo sesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ